Usizo kubantu abaxekekile, olwesikhashana, lunenhloso yokusiza abantu abakusimo esinzima kakhulu esenza ukuthi bangakwazi ukuhlangabezana nezidingo ezibaluleke kakhulu zemindeni yabo.
Ngubani ongathola usizo lwabantu abaxakeke kakhulu?
Ungathola usizo lokuxakeka kakhulu kuhulumeni uma ukusimo esinzima nesiphuthumayo.
udinga usizo ngesikhathi ulindele umxhaso lwesondlo sengane ngesikhathi uhulumeni esabhekana nesicelo kwenzeke inhlekekele ephuthumayo, enjengokusha kwendlu yakho awukufanelanga ukuthola umxhaso lukahulumeni nakhona ukusimo sokuxakeka kakhulu awukwazi ukusebenza ngenxa yokuthi impilo yakho ayikuvumeli - lokhu kusho ukuthi ugula isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha awukwazi ukuthola isondlo sengane noma izingane zakho komunye umzali wengane owondla umndeni ushonile owondla umndeni usejele okwesikhashana uphazanyiswe yinhlekelele, kodwa indawo yakini noma umphakathi wakini awumenyezelwanga njengendawo yenhlekelele.
Usizo kubantu abaxekekile , lunganikezwa ngamaphasela okudla, noma ivawusha yokuthenga ukudla. Ezinye izifundazwe anikeza lolu sizo ngemali ewukheshi. Usizo kubantu abaxakekile lunikezwa isikhashana esifishane kuphela - kuvamise ukuthi kube zinyanga ezintathu, kokunye izinyanga eziyisithupha.
Yenza isicelo sosizo kubantu abaxakekile ehhovisi eliseduzane nawe leNtuthuko yaBantu.
isitetimente esifungelwe ngumuntu ohloniphekile emphakathini owazi umfaki sicelo. Kungaba ilungu lekhansela, umholi wendabuko, unonhlalakahle, noma umfundisi ubufakazi bokuthi isicelo sesitifiketi sokuzalwa noma somazisi sifakiwe negatsha lezasekhaya incwadi yomazisi yesikhashana ekhishwe yigatsha lezasekhaya uma ngabe kunjalo isitifiketi sokubhabhadiswa ikhadi lase kliniki umbiko wesesikoleni.
Isicelo sakho sizobonelelwa masishane.
Lapho usufakele isicelo, kuzohlolwa ubuqotho baso kanye nokuthi ngabe ngempela udinga usizo.
Ngisho noma ungenawo onke amadokhumende , uzonikezwa iphasela yokudla, ivawusha, noma imali ewukheshi enyangeni yokuqala.
Khumbula ukuthi uhambe nawo wonke amadokhumende kusikhulu somnyango ngaphambi kokuba uthole usizo enyagneni yesibili. Uma ungakwenzi lokho, ngeke wathola usizo lokudla, ivawusha noma ukheshi enyangeni yesibili neyesithathu.
Uma izinto zingaguquki empilweni yakho, ngemuva kokuba uthole usizo lwezinyanga ezintathu, ungenza isicelo sokuthi kungezelwe ezinye izinyanga ezintathu zosizo.
Le nkonzo ayikhokhelwa ngeyamahhala.
Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lomnyango.
